ENGLISH isiZULU
Lwando has a little sister named Oyiso. Sometimes she is very cute. But sometimes she turns into a monster.
ULwando unodadewabo omncane ogama lakhe lingu-Oyiso. Kwesinye isikhathi muhle kakhulu. Kodwa ngesinye isikhathi uphenduka inunu.
That’s okay, because Lwando is a monster tamer.
Kulungile kunjalo, ngoba uLwando ungumthambisi wenunu.
On Monday, the monster looked angry. But Lwando knew she was just hungry.
NgoMsombuluko, inunu yayibukeka ithukuthele. Kodwa uLwando wayazi ukuthi ilambile.
On Tuesday, the monster looked very angry. But Lwando knew she was just tired.
NgoLwesibili, inunu yayibukeka ithukuthele kakhulu. Kodwa uLwando wayazi ukuthi ikhathele.
On Wednesday, the monster looked even angrier. But Lwando knew she was just sad.
NgoLwesithathu, inunu yayibukeka ithukuthela ngokwedlulele. Kodwa uLwando wayazi ukuthi idangele.
On Thursday, the monster looked furious. But Lwando knew she…
